Ingcebo/ifa yezwe yileyongxenye eyisisekelo noma imvelo eyakha ubulona. Imbandakanya lowo mlando wezwe nendlela oxoxwa noma olandwa ngayo ngabanini bawo, amasiko, ubuciko, [ubunyonico] kanye nolimi, uhlobo lokudla abathanda ukukudla, umculo abawuthandayo kanye nendlela abakha ngayo nabaklama ngayo izakhiwo zabo.
eNingizimu Afrika ingxube ecebile yezingcebo ezahlukene yenza abantu baseNingizimu Afrika bahluke kwabanye abantu emhlabeni. Ingcebo yethu isenza sahluke kwezinye izizwe futhi isenza sizimele sodwa njengesizwe esahlukile esifana nothingo lwenkosazana.
Ayikho enye indawo lapho ubusona balesizwe budidiyelwe khona futhi babekwa ngokucacileyo njengasezimpawini sesizwe lelibhukwana elimayelana nazo - Ifulege lesizwe, ihubo lesizwe kanye nophawu lwesizwe.
Wonke umuntu ongowaseNingizimu Afrika, ingane, omdala, izikole, abasebenzi, abaqashi, izinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni (NGO), izinhlangano zemiphakathi (CBO), iminyango kahulumeni bangayazi, bayiqonde futhi ngokuziqayisa bayithathe njengeyabo lencwanjana nalokho ekuqukethe.
UNgqongqoshe wezobuCiko, Amasiko, iSayensi kanye nobuChwepheshe.
Izimpawu zesizwe sethu yilezompawu ezibonakalayo nezingamazwi ezichaza ubusona besizwe. Izimpawu zesizwe zichazwe ngokoMthethosisekelo futhi kuqondwe ngazo ukuba kuthuthukiswe ukuxolelana nokwakha izwe.
Ukuvumeleka ukuvota kwawo wonke umuntu osemdala, umqulu wabavoti owodwa kazwelonke, ukuvama ukubamba ukhetho kanye nohulumeni owakhiwe izinhlangano ezahlukene ukuze kuqinisekwe ngokubika, ukusabela kanye nokuvuleleka.
Ihubo lesizwe esililalela lidlalwa noma lihlatshelelwa/lihutshwa emicimbini ebalulekile yesizwe futhi elihutshwa ezikoleni noma emicimbini yemidlalo.
Uphawu lweSizwe esilubona ezakhiweni zikahulumeni, imibhalo kanye nezigqola /izimoto zikahulumeni nokunye.
Ifulege lesizwe elisha laseNingizimu Afrika laqala ukusentshenziswa ngomhlaka 27 Apreli 1994. Laphanyekwa ngemva nje kokunqamuka kobusuku/kwaphakathi kwamabili njengoba kwase kuzalwa isizwe esisha. Ukwakhiwa kanye nemibala yefulege kuyisibonelo semibala ebalulekile yomlandu wefulege laseNingizimu Afrika, kusukela kudala kuze kube manje.
Imibala obomvu, omhlophe kanye nosasibhakabhaka yaqala kudala emlandweni wefulege laseNingizimu Afrika; kanti umbala oluhlaza omnyama kanye nosagolide yona yaqala ukuvela efulegeni lesizwe sethu ngonyakakhulu we-19th. Yonke imibala eyisithupha isanda kuqhama kakhulu kumafulege aseNingizimu Afrika.
Mayelana nokuthi lemibala ichazani, kufanele kukhunjulwe ukuthi umbala ngamunye ungasho noma ungachaza okwahlukile kubantu abahlukene. Ngenxa yalesi sizathu ngeke sanika noma imuphi umbala incazelo. Noma ngubani angakhululeka ukuba nencazelo yakhe yokuthi umbala othile uchazani noma umele ukuthini. Lokhu kwavunyelwana ngakho ngesikhathi kuxoxiswana ngentandoyeningi ngonyaka ka -1994.
Ukwakhiwa kwenkaba lefulege okuqala ngomfanekiso ongu- "V" kuza ndawonye enkabeni yefulege, kuqhubeka njalo njengomugqa oqondile kuya emphethweni ongaphandle, kubonakala njengokumele ukuqoqekela ndawonye kwemiphakathi eyahlukene yaseNingizimu Afrika, obambe indlela eyaphambili ndawonye njengeqembi elibumbene. Lombono uyaxhumana nomongo wophawu lwesizwe , obizwa nge !ke e:/xarra//ke, okuwulwimi lwabathwa (/Xam San people), okusho ukuthi "abantu abahlukene bayabumbana". Lokhu kwakhiwa kwefulege kwahlukile kuyikho kodwa uma kuqathaniswa namanye amafulege.
Ifulege lesizwe liyakuba ngunxade ngokulingana izingxenye ezimbili zobubanzi nezintathu ubude;umgudu wokuphakanyiswa, umugqa obomvu ongaphezulu kanye nomugqa osasibhakabhaka ongaphansi, kanye nonxantathu omnyama lapho lizophanyekwa khona, kulemigqa ezohlukanisa umugqa oluhlaza ozoba yingxenye yokuhlanu ububanzi, nomhlophe oqikene nobomvu nosanibhakabhaka; kanye nosagolide weqike kulonxantathu omnyama lapho lizophanyekwa khona; kanti ububanzi kanye nokuqikana kuyoba yingxenye yokuthathu yobubanzi befulege.
Ifulege kufanele liphathwe ngenhlonipho. Akufanele lidonswe phansi enhlabathini noma kubekwe izinto phezu kwalo.
Ifulege empeleni lifana nebhuku - kusukela phezulu kuya phansi kanye nakwesokunxele kuya kwesokudla.
Uma libekwe/liphanyekwe ngecele, ukuphakanyiswa kufanele kube ngakwesobunxele sezibukeli kuthi umugqa obomvu ube ngaphezulu. Uma ngabe ifulege liphanyekwe ngokuhlanekezelwa, lokhu kuwuphawu lokuthi izwe lisosizini noma enhluphekweni.
Uma ngabe liphanyekwe ngobude liqikene noboda umugqa obomvu kufanele ube ngakwesobunxele sezibukeli kuthi ukuphakanyiswa kwalo kube ngaphezulu.
Uma ngabe liphanyekwe eduze noma ngemva kwesandisamazwi (speaker) kufanele libekwe ngakwesokudla saleso sandisamazwi.
Ngakwesokunxele sezibukeli, uma liphanyekwe ezinsikeni ezigamegxe futhi eyalo insika kufanele ibe ngaphambi kwezinye izinsika zalawa amanye amafulegi.
Uma kushaywa inhlabaluhide namanye amafulegi noma nelinye ifulegi kufanele libe ngakwesokudla.
Futhi kufanele libe ngakwesokudla uma liphanyekwe namanye amafulegi ezinye izizwe noma amanye amazwe (kufanele wonke alingane ngokosayizi futhi ukuphakama kwayo wonke kulingane).
UPhawu lweZwe noma uphawu loMbuso yilona phawu olubonakayo oluphezulu. Zinike imizuzwana uzindle ngezehlakalo ezibalulekile empilweni yakho - ukuzalwa, ukushada, ukufa nezitifiketi zezikole, iphasiphothi yakho konke lokhu kwenziwa kwamukeleke ngokomthethu wuphawu lweZwe. Uhlavana lwemali olincane lunalo loluphawu kwelinye lezinhlangothi zalo. Uma ngabe ukude kwelinye izwe ukubona loluphawu ezakhiweni zamanxusa kuwuphawu lwekhaya ube ungekho ekhaya. Uphawu lweZwe luyingxenye enkulu yesitembu esigxivizwe ngophawu lweZwe (Great Seal), ngokwedabuko sithathwa njengophawu oluphambili loMbuso. Noma imuphi umbhalo onophawu lwesitembu esigxivizwe ngophawu lweZwe lunikezwa wonke amandla, ngoba lokhu kusho ukuthi kwesekelwe nguMongameli waseNingizimu Afrika.
Umongo - oyingxenye yesiyingi oluhlaza oyi: !ke e:/xarra //ke. ubhalwe ngolwimi lwabathwa kanti ichazelo eqondile isho: "abantu abahlukene bayabumbana". Iphonsa inselelo esizweni ukuba sibumbane ngokuzimbandakanya nangokuziqayisa - Ukubumbana kwabahlukeneyo. Izinyo lendlovu - liwuphawu lobuhlakani, umdlandla, nobuphakade.
Amadlebe kakolo - awuphawu oluyisiyingi olwakhiwe ngamazinyo endlovu - awuphawu lokuvunda, ukukhula kanye nokuthuthukiswa kwamakhono, kunonophalisa abantu kanye nezingxenye zezolimo emhlabeni.
Isimo/umfanekiso sabantu - esathathwa kumakhono abathwa - kwasuselwa ezithombeni ezidumile selitshe i-linton stone - lokhu kuyisibonelo esiphambili samakhono amadwala aseNingizimu Afrika, manje sekubekwe eMnyuziyamu yaseNingizimu Afrika - kuyinkomba yenjwayelo yokubingelela nokubumbana, okukhombisa: ukubumbana kwabahlukeneyo. Umkhonto nesagila - uphawu olubhaxambili olukhombisa ukuvikela namagunya - futhi kukhombisa imilenze eqinileyo yendwe. Umkhonto nesagila kulaliswe phansi okukhombisa uxolo.
Isiqalaba - isibonakaliso sobuhle bezwe lethu kanye nokuqhakaza kwezimbali zamakhono esizwe okuqhubela phambili Ukubuyiswa kobuAfrika (African Renaissance) - siyinkomba yokuhlanganisa noma ukubumbana ngokupheleleyo kwezinto ezimila emhlabathini zibe zondleka ngaphezulu.
Indwe - ebonakala indiza - imiphumela yemvelo yokukhula nejubane - Indwe enamandla emilenze yayo- ekhonjiswe lapha njengomkhonto nesagila iyayisiza kakhulu uma kuzigelwa ukuze izivikele. Iyisithunywa esivela ezulwini ikhombisa umusa wayo emhlabeni, ngenye indlela iwuphawu lobukhosi bukaNkulunkulu. Amaphiko ayo aphakanyisiwe ayisibonakaliso sokukhula kesizwe sethu, abe futhi esikhosele ngokusivikela.
Ilanga eliphumayo - uphawu lokukhanya nenkazimulo. Liwuphawu lwesithembiso sokuzalwa kabusha, ukuzindla, ukwahlulela okuhle kanye namandla okuzenzela. Liwuphawu lwesisusa sempilo, ukukhanya kanye nokuphelela okungcwele koluntu.
Isakhiwo sesiphelele soPhawu lweSizwe sihlanganisa ingezansi nengenhla lesiyingi ngophawu olukhombisa okungapheliyo. Lendlela ehlanganisa ingezansi nomqulu wamazwi, ngalayini bamazinyo endlovu, nelanga eliphumayo ngaphezulu, lokhu kwakha umfanekiso weqanda lomhlaba nezulu nakho konke okusemhlabeni okuphuma kulona indwe. Lokhu kuyisibonakaliso sokuzalwa kabusha komoya (spirit) wesizwe sethu esinobuqhawe.
Izimpawu lezi sisentshenziswe njengendlela elula yokulola ikakhulu abantu baseNingizimu Afrika osekunesikhathi eside beshiywe ngaphandle kuzo zonke izinqubo zokuthathwa kwezinqumo ngalelizwe. Lolu nguphawu lwamaqembu ezombusazwe alusebenzisa ngonyaka ka 1994 ngokhetho ukuze kubonakale kalula iphepha lokuvota.
Lezimpawu zesizwe ezintathu eziphambili okukhulunywa ngazo kuleli bhukwana zimele lentandoyeningi entsha futhi zithathe isikhundla salezo mpawu zangenkathi edlule. Ubugugu obuyisisekelo salezimpawu ezintsha ukubuyisana, ukubumbana kwabahlukene kanye nokwakha isizwe. Ngalezimpawu wonke umuntu oyisakhamuzi saseNingizimu Afrika uyakhuthazwa, uyalolwa, unikwa amandla nokuthi ashisekele ukwenza lenqubo yokuthatha isizwe ekwahlukahlukeni kwenkathi edlule asise ekusaseni elibumbene ibe ngeyabo.
